• Lungisa
    izindaba
    zakho
    zemali!

    Zama lezi zinyathelo
    zokwakha umnotho

    Kuyethusa
    kodwa yiqiniso

    Isifo senhliziyo siyifaka
    kanjani imali ebhange

    Yakha
    uthando
    oluhlalayo...

    Nizohlalisana?
    Yenza lezinqumo ezi-2 kuqala

    Ungawuvikela kanjani
    umndeni wakho uma ungasekho

    ...uma
    lungakheki

    izindaba ezi-3
    ngedivosi okumele uzazi

  • Umcabango

    Siyakwamukela onyakeni omusha we Bold! ebukeka kabusha! Njengasemihleni, iqukethe okunomqondo nokulungile esithemba ukuthi kwenza izinqumo zezimali zibelula – njengoba senze i-Bold kwaba lula ukuyibheka. Siyajabula ukuba sibe kule ndlela yakho nawe – kanye nokufaka umbono, i-Bold iyogcina iqonda izidingo zakho kangcono futhi iletha lokho okufunayo. Yingakho singathanda ukuba usitshele kakhulu ngawe. Uyacelwa ukuba uthathe umzuzu ukuphendula imibuzo eyisithupha elula kanti ungahamba nomklomelo owodwa noma emibili ka-R5 000 kwiMax Investment ikumayunithi thrasti. I-Bold ihlose ukukusiza ukuba ujwayele emhlabeni ohlale ushintsha. Noma ngabe impilo yakho ikusiphi isigaba, noma ngabe niyahlalisana, nidivosile noma ucabanga ngomlando womndeni, lolu shicilelo lwe Bold luletha imcabango ezokunika amandla ekuzikhetheleni. Njengomlingani, singathanda ukukukhuthazela emgwaqweni oya enkululekweni yezezimali nokuhlanganisa umhlahlandlela oyisinyathelo ngesinyathelo ohlelweni
    lokwakha umnotho.
    Ozithobayo, Dashni Naidu
    Imenenja yezokuxhumana kwezokuxhumana kwabathengi nokukhangisa

    I-Old Mutual iyaziqhenya ngokukulethela umculo
    kuleli hlobo. Klikha ngezansi ukudawuniloda
    izinhlelo zalokhu:

    Ama-Summer Sunset Concerts eKirstenbosch

    Umculo eDamini eThekwini

    Umculo eNgadini eGoli nasePitoli

    Njengomfundi we-Bold, ungafinyelela kuzichitha kwezezimali eNingizimu Afrika,ezingatolika ukuthi isithombe somhlaba sezimali sinamthelela muni
    ekuhleleni kwakho izimali.

    Isimo sezomnotho sizoma
    kanjani kowezi-2012?

    Lokhu kunamuphi umthelela
    ekutshaleni kwami izimali?

    Izindaba ezimbi wukuthi
    isimo esibi sezimali eYurophu
    asixazululekile...

    Kanti, njalo uma kuza
    ekutshaleni izimali, into
    yokuqala wukubuza: kungani
    ngitshale imali noma
    ngiyitshaleleni?

    Ngenhlanhla iNingizimu Afrika
    inesimo esihle emhlabeni


    INingizimu Afrika isigade
    izimali kangcouo kunamazwe amaningi
    athuthukile, okuyinto okumele
    siziqhenye ngayo.

    URian Le Roux, iNhloko yoCwaningo loMnotho
    kwa-Old Mutual Investment Group, SA

    U-Izak Odendaal, umhlaziyi
    wocwaningo kwaFairbairn Capital

  • Abantu

    Phambili

      kanye

    naphezulu

    Ukumelwa yinhliziyo kwashiya
    u-Alvin Bredenkamp ejabule efile.
    Yonke into inobuhle bayo, isimo
    esibucayi samshiya nemali
    angayonga. Nakhu okwenzeka.

    Ekuqaleni u-Alvin - imenenja ye-IT eKapa - wayethi unesilungulela. Kodwa ngesikhathi ubuhlungu bumvusa ekuseni ngoNdasa kulo nyaka, wabona ukuthi inkinga inkulu. Wavusa unkosikazi wakhe uRisa, base bephuthuma esibhedlela.

    'I-ECG yayingacacisi kahle, kodwa imiphumela yegazi yangethusa. Baqinisekisa ukuthi bengimelwa yinhliziyo kanti ngidinga i-angiogram ukuvula imithambo evalekile. ODokotela bafaka amastenti aseyigcina ivulekile.'

    U-Alvin, 48, uyindoda eqaphelayo. Wayene-medical aid enhle wayeseba ne-Greenlight Severe Illness. Nakuba ayebhema wayezivoca, ephuza kancane ehlolwa njalo umzimba ngodokotela futhi wayengabonakali engaba wumuntu ongamelwa yinhliziyo. Kodwa, emasontweni ayeholela kulawo, waziba uphawu oluhlala lukhona: uma uhlala uzizwa ukhathele kakhulu, ungazindeli ukuyohlolwa.

    'Ngesikhathi konke lokhu kwenzeka,
    angazanga noma ngizodinga
    ukuhlinzwa inhliziyo yini,
    nokuthi i-medical aid yami izokhokha
    yini noma ngizofa! Kukho konke
    lokho kungabaza, i-Greenlight
    yaba yisiphephelo sami.'

    NGEMALI

    Uma ukumelwa yinhliziyo sekuqinisekisiwe, inzuzo ye-Greenlight Severe Illness ka-Alvin yakhokha ama-100% omshwalense, nakuba wayengaguli kakhulu. 'Ngibonga i-medical aid, akudingekanga ngisebenzise yonke imali ekhokhiwe ngakwazi ukutshala esele ngiyibekele ukuthatha umhlalaphansi.'

     

    Klikha lapha ukuze uthole olunye
    ulwazi nge-Greenlight

     

    'Izimpawu zokumelwa
    yinhliziyo ziyehlukana,'
    kusho uDkt Peter Bond, udokotela omkhulu
    wakwa-Old Mutual. 'Zivamise ukwehluka kakhulu kwabesifazane.'

    Klikha lapha ukuze
    ufunde kabanzi.

    Imiyalelo

    kaDkt

    UDkt Peter Bond, ongudokotela omkhulu kwa-Old Mutual, uthi ungahlali ucabanga ukuthi ukumelwa yinhliziyo kuyodala ubuhlungu esifubeni. Kungaba nobuhlungu phakathi kwamahlombe, emhlathini nasebusweni nobuhlungu engalweni.

    Abesifazane abamelwa yinhliziyo sebebadala, ibahlasela kakhulu, bavamise ukuba nezimpawu 'ezingejwayelekile' kunamadoda.

    ISINYATHELO SOKWEHLISA INGCUPHE

    Yazi umlando womndeni wakho uma ubhema, yeka!

    Gada umfutho wegazi: Kumele ube ngu-120mm HG ngaphezu kuka-80mm HG.

    Yazi amafutha asegazini: Esewonke amafutha asegazini kumele abe ngaphansi kuka-5,2mmol/L, noma ngaphansi kwalokho kulabo abanezinto ezibabeka engcupheni yesifo senhliziyo, njengesifo sikashukela u-Type 2.

    Shintsha indlela odla ngayo: Gwema amafutha acoyisekile udle ukudla okunothe ngamafutha angagayiwe kanjalo nefayibha. Yidla ama-walnuts, ama-almonds, ama-cashews, ama-cranberries kanye nezintumbu zethanga, udle i-oatmeal kanye ne-oat bran.

    Hamba ngezinyawo: Ukuhamba ngamandla okwenyusa ukushaya kwenhliziyo yakho kufike ku-120 no-130 ngomzuzu imizuzu engu-30 kuya kwengu-45 ngelanga kuyokwenyusa ukuhamba kwegazi lakho.

    Yehlisa amafutha
    aseqolo:

    Kwabesilisa,
    ukhalo olungaphezu
    kuka-94cm kanti
    kowesifazane
    olungaphezu kuka-80cm
    lwenyusa ingcuphe.

     

    Ukukhathala okungejwayelekile

    Isicanucanu

    Ukuphela komoya

    Umjuluko obandayo

    Inzululwane

  • Impilo

    aluthengwa uthando

    Akukhona ukuthi imali ngeke iluthenge uthando, ivamise ukuba yimbangela yokuba
    ubudlelwano bube bubi, ikakhulukazi uma abalingani bebuka izindaba zezimali ngendlela engafani.
    Noma ngabe ungakanani, ukuhlela ngokucophelela nangokuthembeka, kanjalo nokukhombisa izisele,
    kungakusindisa ekuphukeni kwenhliziyo – kanye nebhange.

    Ukuhlangana

     

    Ngizomcela ukuba sishade.
    Nginesiqiniseko ukuthi uzovuma,
    kodwa lokho kunamthelela muni ezindabeni zethu zezimali?
    Klikha lapha ukuze wazi
    ngemishado eyehlukene.

     

    Sizoziphatha kanjani
    izindaba zethu zezimali uma sesihlalisana? Ufuna sibe ne-akhawunti eyodwa yasebhange,kodwa ngifuna ukuziphathela izimali zami.'
    Klikha lapha ukuze wazi
    ngemishado eyehlukene.

    Ukuqhubeka nempilo

    Uyadivosa? Klikha lapha ukuze uthole izindaba
    ezintathu zezimali okumele uzibheke ukuze
    ukwazi ukuzimela futhi.

    Ukushiya
    umlando
    omuhle

    Ungavumeli ukufa kwakho kushiye
    umndeni wakho usezinkingeni zezimali.
    Klikha lapha ukubona ukuthi ungaligada
    kanjani ikusasa labo.

    'Waqinisekisa ukuthi nginemali elungile'

    Ngesikhathi umyeni wakhe uBruce eshona, uDawn Martin oneminyaka engu-59 wakhululeka azi ukuthi
    wayevule eyakhe i-akhawunti. Umshwalense wempilo, wakhokhwa
    ngqo kwi-akhawunti yakhe,
    kwahlinzekela izidingo zakhe.
    Lolu hlobo lokuhlela lubalulekile, njengoba izimpahla zoshonile
    zithatha izinyanga cishe
    eziyisithupha ukuba zikhululeke
    kanti izindleko zomndeni
    azimi ngalesi sikhathi.

  • Imali

    Umgwaqo oya
    ekukhululekeni
    ngokwezimali

    Nansi imephu ezanywe yaphinde yahlolwa
    ukufezekisa amaphupho awo wonke umuntu:
    ukukhululeka kwezezimali. Ungasabi ukucela
    ukuyalelwa indlela kubantu abakulungele
    lokho endleleni!

    'Ukwakha umcebo kuyenzeka
    uma unesu lokusuka nokuhlala.'

    Klikha izimpawu zomgwaqo ukuthola
    indlela eya emnothweni

    ULizl Budhram, umhleli wezimali ogunyaziwe.

     
    Bala ukuthi usebenzisa malini, ukweleta malini nalokho ongakwehlisa ekusebenziseni imali. Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bazinwebe kakhulu, kodwa kubalulekile ukuba uphile ngemali onayo uphinde ube nemali esalayo ozoyonga. Klikha lapha ukudawuniloda uhlelo lwebhajethi okulula ukulusebenzisa ukuze uqale.
     
    Zivikele ezehlakalweni ezingalindelekile ezingakuphazamisa kalula endleleni eya emcebweni. 'Imishwalense yengcuphe enjengowempilo noma owesikhathi esifishane kumele ibe khona ngaphambi kokuba uqhubeke kakhulu,' kusho uLizl.
     
    Yonga uze ube nesikhwama esibheke izimo eziphuthumayo. 'Isilinganiso sithi umholo wakho wenyanga uphindwe kathathu,' kweluleka uLizl. Ungalingeki ukuyithinta le mali ngaphandle uma kunesimo esiphuthumayo!
     
    Asikhulumi ngezikweletu 'ezinhle' nezinesidingo, njengezindlu kanye nokukhokhela izimoto lapha. Sikhuluma ngamakhredithi khadi, amakhadi asezitolo nama-ovadrafthi – lezo zikweletu okulula ukuzisebenzisa, kodwa ezithatha ingxenye enkulu yomholo uma usuzikhokha. 'Qala ngokukhokha isikweletu esibiza inzalo ephezulu, njengezikweletu zamakhredithi khadi,' kuncoma uLizl. Uma lokho sekudlulile, khokha imali elingana naleyo okumele uyikhokhe nyanga zonke ngesilinganiso esiphezulu senzalo. Ungehlisi isamba osikhokhela isikweletu size siphele – lokhu kuyokongela imali eyinzalo kuphinde kukukhiphe ngokushesha ezikweletini.
    Uma uzizwa ucwile ezikweletini, shayela i-Debt Solutions ku-0860 666 607 ukuze uthole usizo kanye nezeluleko noma uklikhe lapha ukuze uthole olunye ulwazi.
     
    'Iphutha lokuqala nelibizayo elenziwa abantu wukuthinta imali abayongile noma yempesheni ngaphambi kokuhlala phansi noma ukuphela kwesikhathi sokonga. Kusho uLizl. 'Lokhu kuholela emalini eyongeziwe kanti kunciphisa kuphinde kwehlise isikhathi sokonga, okuchaza ukuthi awuyitholi yonke inzuzo.'
     
    Ungalenzi iphutha lokukhansela imishwalense egade ingcuphe (eyempilo, eyokukhubazeka noma owesikhathi esifishane) – kukubeka engcupheni ngakwezezimali.
    Phendula imibuzo embalwa ukuze uthole ithuba lokuwina i-Old Mutual Max Investment ka-R10 000. Klikha la ukwaziswa ngaphezulu.